Amazambane asusa amabala esikhumba futhi enza isikhumba sibukeke kahle, asusa imiqga eminyama eba ngaphansi kwamehlo, amazambane asusa nezinduna esikhumbeni. Amazambane elapha isikhumba esibukeka sikhathele nesibukeka sigugile. Indlela yokusebenzisa izambane esikhumbeni sakho: uzodinga umshini wokwenza i-juice obizwa ngeblender, uzosika izambane lakho libe yizincezu ezinkulu bese ulifaka kwi-blender, i-blender izokwenza izambane lakho liphenduke i-juice, uzobe usuligcoba ebusweni isikhathi esingango 20 minutes. Uzokwenza lokhu zonke izinsuku cishe emva kwesonto kuya emasontweni amabili uzobe usuwubona umahluko esikhunjeni sakho. Amazambe asebenza kahle ne-lemon juice notamatisi ukususa isikhumba esimnyama esiba phakathi kwamathanga.
Ulamula wenza isikhumba, izinzipho nezinwele zibe nempilo. Ulamula wenza isikhumba sibe nebala elimhlophe, ususa amabala amnyama esikhunjeni. Uma ugcoba ulamula akumele uwuyekele esikhunjeni isikhathi eside, futhi akumele uphumele elangeni ngoba lokho kuzokwenza isikhumba sakho sonakale. Ungawufaki esilondeni noma esikhumbeni esisikekile. Ukuze usuke ikiwi nama-stretch marks, hlikihla nge-lemon ehlanganiswe noshukela kanye no-ju, bese uyakuwasha emva kwemizuzu engu 25, bese ugcoba i-coconut oil.
Lokhu kususa ikiwi emathanganeni, ama-stretch marks futhi kwenza isikhumba sibukeke kahle. Uzodinga i-half spoon ye-lemon, 1 spoon ye-yogurt eyi-plain, half spoon ye-turmeric, and half spoon ye-chickpea flour. Hlikihla endaweni yakho enama-sctretch marks ne-kiwi uzobe usuyalinda kome bese uyakuwasha. Uzokwenza lokhu kabili ngesonto.
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |